3. Ngiyakunquma umahluleli phakathi kwakhe,ngibulale zonke izikhulu zakhe kanye naye,” usho uJehova.
4. Usho kanje uJehova, uthi:“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaJuda,yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,ngokuba bawulahlile umthetho kaJehova,abagcinanga izimiso zakhe,namanga abo abadukisile,abawalandelayo nawoyise.
5. Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaJuda,uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema.”
6. Usho kanje uJehova, uthi:“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Israyeli,yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,ngokuba bathengisile olungileyo ngesiliva,nompofu ngamabhangqa ezicathulo.
7. Bazondelela amakhanda abampofu ukuba abe sothulini lomhlabathi,bachezukisa indlela yabathobileyo;indoda noyise baya entombininye,ukuze balihlambalaze igama lami elingcwele,
8. bacambalale ezingutsheni ezithathwe zaba yisibambisoeceleni kwawo onke ama-altare,baphuze iwayini labahlawulisiweyo endlini kaNkulunkulu wabo.
9. “Nokho mina ngachitha ama-Amori ebusweni babo,akuphakama kwawo kwakunjengokuphakama kwemisedari,*ayenamandla njengama-oki;*kepha ngachitha nokho izithelo zawo phezulunezimpande zawo phansi.