U-Amose 2:2-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaMowabi,uqede izindlu zamakhosi zaseKeriyote,uMowabi afe ngokuxokozela,nangokumemeza,nangokukhala kwecilongo.

3. Ngiyakunquma umahluleli phakathi kwakhe,ngibulale zonke izikhulu zakhe kanye naye,” usho uJehova.

4. Usho kanje uJehova, uthi:“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaJuda,yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,ngokuba bawulahlile umthetho kaJehova,abagcinanga izimiso zakhe,namanga abo abadukisile,abawalandelayo nawoyise.

5. Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaJuda,uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema.”

6. Usho kanje uJehova, uthi:“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Israyeli,yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,ngokuba bathengisile olungileyo ngesiliva,nompofu ngamabhangqa ezicathulo.

7. Bazondelela amakhanda abampofu ukuba abe sothulini lomhlabathi,bachezukisa indlela yabathobileyo;indoda noyise baya entombininye,ukuze balihlambalaze igama lami elingcwele,

8. bacambalale ezingutsheni ezithathwe zaba yisibambisoeceleni kwawo onke ama-altare,baphuze iwayini labahlawulisiweyo endlini kaNkulunkulu wabo.

9. “Nokho mina ngachitha ama-Amori ebusweni babo,akuphakama kwawo kwakunjengokuphakama kwemisedari,*ayenamandla njengama-oki;*kepha ngachitha nokho izithelo zawo phezulunezimpande zawo phansi.

10. “Futhi mina nganikhuphula ezweni laseGibithe,nganihambisa iminyaka engamashumi amane ehlaneukuba nidle ifa lezwe lama-Amori.

11. Ngavusa kumadodana enu abaprofethinasezinsizweni zenu amaNaziri.*Akunjalo, nina bantwana bakwa-Israyeli, na?” usho uJehova.

12. “Kepha naphuzisa amaNaziri iwayini,ngokuthi: ‘Ningaprofethi.’

13. “Bhekani, ngiyakunicindezela endaweni yenunjengengqukumbane icindezela,igcwele izithungu.

14. Onejubane uyakuswela ukubaleka;onamandla akayikuqinisa amandla akhe,neqhawe aliyikuzikhulula.

15. Obambe umnsalo akayikuma;onejubane ngezinyawo zakhe kayikuzikhulula,nokhwele ihhashi akayikuzikhulula;

16. onesibindi phakathi kwamaqhaweuyakubaleka ze ngalolo suku,” usho uJehova.

U-Amose 2