5. Ngiyakwaphula imigoqo yaseDamaseku,nginqume abakhileyo eBikati Aveni,nophethe intonga eBeti Edene,abantu base-Aramu bathunjelwe eKhiri,” usho uJehova.
6. Usho kanje uJehova, uthi:“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseGaza,yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,ngokuba bathumba abantu ngokuthumba okupheleleyoukuba babakhaphele ku-Edomi.
7. Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseGaza,uqede izindlu zalo zamakhosi.
8. Ngiyakunquma abakhileyo e-Ashidodi,nophethe intonga e-Ashikeloni,ngiphendulele isandla sami e-Ekroni;nensali yamaFilisti iyakuphela,” isho iNkosi uJehova.
9. Usho kanje uJehova, uthi:“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseTire,yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,ngokuba bakhaphela abantu ngokuthumba okupheleleyo ku-Edomi,bangakhumbuli isivumelwano sabazalwane.
10. Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseTire,uqede izindlu zalo zamakhosi.”
11. Usho kanje uJehova, uthi:“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Edomi,yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba,walahla isihe sakhe,wagcina ulaka lwakhe,wayilondoloza intukuthelo yakhe.
12. Kepha ngiyakuthuma umlilo eThemani,uqede izindlu zamakhosi zaseBosira.”
13. Usho kanje uJehova, uthi:“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantwana bakwa-Amoni,yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,ngokuba baqaqile abakhulelweyo kwaGileyadiukuba bayenze banzi imikhawulo yabo.