29. Ngokuba wayala umoya ongcolileyo ukuba aphume kulowo muntu. Ngokuba wayesembambe kaningi; walindwa eboshwe ngawozankosi nangamaketanga ezinyawo; kepha wathi esegqabule izibopho, waqhutshelwa yidemoni ehlane.
30. UJesu wambuza wathi: “Ungubani igama lakho?”Wathi: “ULegiyona,*” ngokuba amademoni amaningi ayengene kuye.
31. Amncenga ukuba angawayali ukuya kwalasha.