Ngokukaluka 8:29-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. Ngokuba wayala umoya ongcolileyo ukuba aphume kulowo muntu. Ngokuba wayesembambe kaningi; walindwa eboshwe ngawozankosi nangamaketanga ezinyawo; kepha wathi esegqabule izibopho, waqhutshelwa yidemoni ehlane.

30. UJesu wambuza wathi: “Ungubani igama lakho?”Wathi: “ULegiyona,*” ngokuba amademoni amaningi ayengene kuye.

31. Amncenga ukuba angawayali ukuya kwalasha.

Ngokukaluka 8