Ngokuba wayala umoya ongcolileyo ukuba aphume kulowo muntu. Ngokuba wayesembambe kaningi; walindwa eboshwe ngawozankosi nangamaketanga ezinyawo; kepha wathi esegqabule izibopho, waqhutshelwa yidemoni ehlane.