24. Base besondela, bamvusa bathi: “Nkosi, Nkosi, safa.”Wavuka-ke, wakhuza umoya nokugubha kwamanzi. Kwanqamuka, kwathula kwathi du.
25. Wayesethi kubo: “Kuphi ukukholwa kwenu na?”Besaba; bamangala, bathi omunye komunye: “Ungubani lo ukuba ayale nomoya namanzi, kumlalele?”
26. Bafika ngomkhumbi ezweni lamaGerasa elibhekene neGalile.
27. Esephumele emhlabathini, kwamhlangabeza indoda ethile yomuzi eyayinamademoni; kwase kuyisikhathi eside ingembathi ngubo, ingahlali endlini kodwa emathuneni.
28. Isimbona uJesu yadazuluka, yawa phansi phambi kwakhe, yathi ngezwi elikhulu: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngiyakuncenga, ungangihluphi.”
29. Ngokuba wayala umoya ongcolileyo ukuba aphume kulowo muntu. Ngokuba wayesembambe kaningi; walindwa eboshwe ngawozankosi nangamaketanga ezinyawo; kepha wathi esegqabule izibopho, waqhutshelwa yidemoni ehlane.
30. UJesu wambuza wathi: “Ungubani igama lakho?”Wathi: “ULegiyona,*” ngokuba amademoni amaningi ayengene kuye.
31. Amncenga ukuba angawayali ukuya kwalasha.
32. Kwakukhona lapho umhlambi wezingulube eziningi ziklabile entabeni; amncenga ukuba awavumele angene kuzo; wawavumela.
33. Aphuma-ke amademoni kuye umuntu, angena ezingulubeni, umhlambi wagulukudela eweni, waphonseka elwandle, waminza.