9. Wayesemholela eJerusalema, wammisa esiqongweni sethempeli, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi lapha,
10. ngokuba kulotshiwe ukuthi:
11. “ ‘Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikulinde,’“nokuthi:“ ‘Ziyakukuthwala ngezandla,ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.’ ”
12. UJesu waphendula, wathi kuye: “Kwathiwa: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ”
13. USathane eseqede ukulinga konke wamuka kuye isikhathi.
14. UJesu wabuyela eGalile ngamandla kaMoya; udumo lwakhe lwanda kulo lonke izwe langakhona.
15. Wafundisa emasinagogeni* abo edunyiswa yibo bonke.
16. Wafika eNazaretha, lapho wayondliwa khona, wangena esinagogeni* ngosuku lwesabatha njengokwenza kwakhe, wasukumela ukufunda.
17. Wanikwa incwadi ka-Isaya umprofethi, wayivula incwadi, wafumana indawo okulotshwe kuyo ukuthi:
18. “UMoya weNkosi uphezu kwami,ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu,ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo,nokubona kwabayizimpumputhe,nokuhlenga abacindezelweyo,
19. nokumemezela umnyaka omuhle weNkosi.”