5. Esemenyusela entabeni ende wambonisa imibuso yonke yezwe ngomzuzwanyana.
6. USathane wathi kuye: “Amandla onke lana ngokunika wena kanye nenkazimulo yawo, ngokuba inikwe mina, futhi ngiyinika noma ubani ngokuthanda kwami.
7. Ngakho-ke wena, uma ukhuleka phambi kwami, konke kuzakuba ngokwakho.”
8. UJesu waphendula, wathi kuye: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.’ ”
9. Wayesemholela eJerusalema, wammisa esiqongweni sethempeli, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi lapha,
10. ngokuba kulotshiwe ukuthi:
11. “ ‘Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikulinde,’“nokuthi:“ ‘Ziyakukuthwala ngezandla,ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.’ ”
12. UJesu waphendula, wathi kuye: “Kwathiwa: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ”
13. USathane eseqede ukulinga konke wamuka kuye isikhathi.
14. UJesu wabuyela eGalile ngamandla kaMoya; udumo lwakhe lwanda kulo lonke izwe langakhona.
15. Wafundisa emasinagogeni* abo edunyiswa yibo bonke.
16. Wafika eNazaretha, lapho wayondliwa khona, wangena esinagogeni* ngosuku lwesabatha njengokwenza kwakhe, wasukumela ukufunda.
17. Wanikwa incwadi ka-Isaya umprofethi, wayivula incwadi, wafumana indawo okulotshwe kuyo ukuthi:
18. “UMoya weNkosi uphezu kwami,ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu,ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo,nokubona kwabayizimpumputhe,nokuhlenga abacindezelweyo,
19. nokumemezela umnyaka omuhle weNkosi.”
20. Wayigoqonga incwadi, wayinika isikhonzi, wahlala; amehlo abo bonke ababesesinagogeni* amgqolozela.
21. Waqala ukukhuluma kubo, ethi: “Namhlanje ugcwalisekile lo mbhalo ezindlebeni zenu.”
22. Bonke bamfakazela bemangala ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe, bathi: “Lo akasiyo indodana kaJosefa na?”
23. Wathi kubo: “Nempela niyakusho kimi lesi saga sokuthi: ‘Nyanga, zelaphe wena.’ Lokho esikuzwile kwenziwa eKapernawume, kwenze nalapha ezweni lakini.”
24. Wathi-ke: “Ngiqinisile ngithi kini: Akukho mprofethi owamukelwa ezweni lakubo.
25. Kepha ngempela ngithi kini: Kwakukhona kwa-Israyeli abafelokazi abaningi emihleni ka-Eliya, lapho izulu lalivalekile iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha, kwaba khona indlala enkulu ezweni lonke;