Ngokukaluka 4:13-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. USathane eseqede ukulinga konke wamuka kuye isikhathi.

14. UJesu wabuyela eGalile ngamandla kaMoya; udumo lwakhe lwanda kulo lonke izwe langakhona.

15. Wafundisa emasinagogeni* abo edunyiswa yibo bonke.

16. Wafika eNazaretha, lapho wayondliwa khona, wangena esinagogeni* ngosuku lwesabatha njengokwenza kwakhe, wasukumela ukufunda.

17. Wanikwa incwadi ka-Isaya umprofethi, wayivula incwadi, wafumana indawo okulotshwe kuyo ukuthi:

18. “UMoya weNkosi uphezu kwami,ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu,ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo,nokubona kwabayizimpumputhe,nokuhlenga abacindezelweyo,

19. nokumemezela umnyaka omuhle weNkosi.”

20. Wayigoqonga incwadi, wayinika isikhonzi, wahlala; amehlo abo bonke ababesesinagogeni* amgqolozela.

21. Waqala ukukhuluma kubo, ethi: “Namhlanje ugcwalisekile lo mbhalo ezindlebeni zenu.”

22. Bonke bamfakazela bemangala ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe, bathi: “Lo akasiyo indodana kaJosefa na?”

23. Wathi kubo: “Nempela niyakusho kimi lesi saga sokuthi: ‘Nyanga, zelaphe wena.’ Lokho esikuzwile kwenziwa eKapernawume, kwenze nalapha ezweni lakini.”

24. Wathi-ke: “Ngiqinisile ngithi kini: Akukho mprofethi owamukelwa ezweni lakubo.

25. Kepha ngempela ngithi kini: Kwakukhona kwa-Israyeli abafelokazi abaningi emihleni ka-Eliya, lapho izulu lalivalekile iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha, kwaba khona indlala enkulu ezweni lonke;

26. kepha u-Eliya kathunyelwanga nakoyedwa kubona, kuphela eSarepita laseSidoni kowesifazane ongumfelokazi.

27. Kwakukhona futhi kwa-Israyeli abanochoko abaningi ngesikhathi sika-Elisha umprofethi; kepha akuhlanjululwanga namunye kubo, kuphela uNayimani umSiriya.”

Ngokukaluka 4