12. Bambuza bathi: “Ngubani lowo muntu othe kuwe: ‘Thabatha uhlaka lwakho uhambe,’ na?”
13. Kepha ophilisiweyo wayengazi ukuthi ungubani, ngokuba uJesu wayemukile lapho, kukhona isixuku kuleyo ndawo.
14. Emva kwalokho uJesu wamfumana ethempelini, wathi kuye: “Bheka, uphilisiwe; ungabe usona, funa wehlelwe ngokubi kunalokho.”
15. Wamuka lowo muntu, watshela abaJuda ukuthi nguJesu omphilisileyo.
16. Ngenxa yalokho abaJuda bamzingela uJesu, ngokuba wakwenza lokho ngesabatha.
17. Kepha wabaphendula wathi: “UBaba usebenza kuze kube manje, nami ngiyasebenza.”
18. Ngalokho-ke abaJuda kwayikhona befuna kakhulu ukumbulala, ngokuba wayengaphulile isabatha kuphela, kodwa wabuye wathi uNkulunkulu unguYise, ezenza olingana noNkulunkulu.
19. Khona uJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: INdodana ingenze lutho ngokwayo, kuphela lokho ebona uYise ekwenza, ngokuba lokho akwenzayo yena, neNdodana iyakwenza kanjalo.
20. Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana, uyikhombisa konke akwenzayo yena; woyikhombisa imisebenzi emikhulu kunalena ukuba nimangale.
21. Ngokuba njengalokhu uYise evusa abafileyo, abaphilise, kanjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa.
22. Ngokuba noYise kahluleli muntu; ukunike iNdodana konke ukwahlulela
23. ukuba bonke bazise iNdodana, njengokuba bazisa uYise. Ongayazisi iNdodana kamazisi noYise oyithumileyo.
24. “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade; akayi ekwahlulelweni, kepha usephumile ekufeni, wangena ekuphileni.
25. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abafileyo beyakulizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu; abezwayo bayakuphila.
26. Ngokuba njengalokhu uYise enokuphila ngokwakhe, kanjalo uyiphile neNdodana ibe nokuphila ngokwayo.
27. Uyiphile amandla okwahlulela, ngokuba iyiNdodana yomuntu.
28. “Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo,
29. abenze ukulunga baphumele ekuvukeni kokuphila, abenze okubi ekuvukeni kokulahlwa.
30. Mina ngingenze lutho ngokwami; ngahlulela njengalokho engikuzwayo; ukwahlulela kwami kulungile, ngokuba ngingafuni eyami intando kepha intando yongithumileyo.
31. “Uma ngizifakazela mina, ubufakazi bami abuqinisile.