Ngokukajohane 2:7-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. UJesu wathi ezincekwini: “Gcwalisani izimbiza ngamanzi;” zazigcwalisa-ke.

8. Wayesethi kuzo: “Yikhani manje, niyise kumphathi wokudla;” zayisa-ke.

9. Umphathi wokudla ezwa amanzi aphenduke iwayini, engazi ukuthi livelaphi, kepha izinceku ezaziwakhile amanzi bezazi, umphathi wokudla wabiza umyeni, wathi kuye:

10. “Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala, kuthi lapha sebephuze kakhulu, akhiphe elibi kunalo; wena ugcinile elimnandi kuze kube manje.”

11. Lokho ukuqala kwezibonakaliso wakwenza uJesu eKhana laseGalile ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa nguye.

12. Ngasemva kwalokho wehlela eKapernawume, yena, nonina, nabafowabo, nabafundi bakhe, bahlala khona izinsuku ezingeziningi.

13. Lalisondele iPhasika labaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema.

14. Wafumana ethempelini abathengisa ngezinkomo nangezimvu nangamajuba, nabahlezi beshintsha imali.

15. Wayesenza inkalivasi* ngezintambo, waxosha bonke ethempelini, nezimvu nezinkomo, wachitha imali yabashintshayo, wagumbuqela amatafula,

16. wathi kwabathengisa ngamajuba: “Susani lokhu lapha, ningayenzi indlu kaBaba indlu yokuthengelana.”

17. Abafundi bakhe bakhumbula ukuba kulotshwe ukuthi: “Ukushisekela indlu yakho kuyangidla.”

18. Ngakho-ke abaJuda baphendula, bathi kuye: “Usitshengisa isibonakaliso sini ukuba wenze lokhu na?”

19. UJesu waphendula, wathi kubo: “Bhidlizani leli thempeli, ngizakulivusa ngezinsuku ezintathu.”

Ngokukajohane 2