Ngokukajohane 2 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Isimangaliso sokuqala sikaJesu

1. Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile; wayekhona lapho unina kaJesu.

2. NoJesu nabafundi bakhe babemenyiwe emshadweni.

3. Kwathi ukuba lisweleke iwayini, unina kaJesu wathi kuye: “Kabanalo iwayini.”

4. UJesu wathi kuye: “Mame, ungene ngani kokwami na? Isikhathi sami asikafiki.”

5. Wathi unina ezincekwini: “Nayikuphi akusho kini anokwenza.”

6. Kwakukhona lapho izimbiza zamatshe eziyisithupha zibekwe ngesiko lokuhlamba labaJuda, ziphethe yileso naleso izilinganiso ezimbili noma ezintathu.

7. UJesu wathi ezincekwini: “Gcwalisani izimbiza ngamanzi;” zazigcwalisa-ke.

8. Wayesethi kuzo: “Yikhani manje, niyise kumphathi wokudla;” zayisa-ke.

9. Umphathi wokudla ezwa amanzi aphenduke iwayini, engazi ukuthi livelaphi, kepha izinceku ezaziwakhile amanzi bezazi, umphathi wokudla wabiza umyeni, wathi kuye:

10. “Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala, kuthi lapha sebephuze kakhulu, akhiphe elibi kunalo; wena ugcinile elimnandi kuze kube manje.”

11. Lokho ukuqala kwezibonakaliso wakwenza uJesu eKhana laseGalile ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa nguye.

Abathengisi ethempelini

12. Ngasemva kwalokho wehlela eKapernawume, yena, nonina, nabafowabo, nabafundi bakhe, bahlala khona izinsuku ezingeziningi.

13. Lalisondele iPhasika labaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema.

14. Wafumana ethempelini abathengisa ngezinkomo nangezimvu nangamajuba, nabahlezi beshintsha imali.

15. Wayesenza inkalivasi* ngezintambo, waxosha bonke ethempelini, nezimvu nezinkomo, wachitha imali yabashintshayo, wagumbuqela amatafula,

16. wathi kwabathengisa ngamajuba: “Susani lokhu lapha, ningayenzi indlu kaBaba indlu yokuthengelana.”

17. Abafundi bakhe bakhumbula ukuba kulotshwe ukuthi: “Ukushisekela indlu yakho kuyangidla.”

18. Ngakho-ke abaJuda baphendula, bathi kuye: “Usitshengisa isibonakaliso sini ukuba wenze lokhu na?”

19. UJesu waphendula, wathi kubo: “Bhidlizani leli thempeli, ngizakulivusa ngezinsuku ezintathu.”

20. Ngakho bathi abaJuda: “Leli thempeli kwaba yiminyaka engamashumi amane nesithupha lakhiwa, wena-ke uzakulivusa ngezinsuku ezintathu na?”

21. Kepha wayekhuluma ngethempeli lomzimba wakhe.

22. Kuthe esevukile kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi washo njalo kubo; bakholwa ngumbhalo nezwi abelishilo uJesu.

23. Kwathi eseJerusalema ngePhasika emkhosini, abaningi bakholwa egameni lakhe bebona izibonakaliso zakhe azenzayo;

24. kepha uJesu yena kabethembanga ukuba abhobokelane nabo, ngokuba wayebazi bonke,

25. nangokuba engaswele nobani amfakazele ngomuntu; wayekwazi yena okuphakathi komuntu.