1. Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile; wayekhona lapho unina kaJesu.
2. NoJesu nabafundi bakhe babemenyiwe emshadweni.
3. Kwathi ukuba lisweleke iwayini, unina kaJesu wathi kuye: “Kabanalo iwayini.”
4. UJesu wathi kuye: “Mame, ungene ngani kokwami na? Isikhathi sami asikafiki.”
5. Wathi unina ezincekwini: “Nayikuphi akusho kini anokwenza.”