Ngokukajohane 2:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile; wayekhona lapho unina kaJesu.

2. NoJesu nabafundi bakhe babemenyiwe emshadweni.

3. Kwathi ukuba lisweleke iwayini, unina kaJesu wathi kuye: “Kabanalo iwayini.”

4. UJesu wathi kuye: “Mame, ungene ngani kokwami na? Isikhathi sami asikafiki.”

Ngokukajohane 2