Kwabaseroma 3:2-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Kukhulu ngezindlela zonke. Kuqala ngokuba baphathisiwe amazwi kaNkulunkulu.

3. Kunjani pho? Uma abanye bengakholwanga, ukungakholwa kwabo kuyakwenza ize ukukholeka kukaNkulunkulu na?

4. Qha nakanye; kepha makube ngukuthi: UNkulunkulu uqinisile, wonke umuntu ungumqambimanga, njengokuba kulotshiwe ukuthi:“Ukuze uthiwe ungolungileyo emazwini akho,unqobe ekwahlulelweni kwakho.”

5. Kepha uma ukungalungi kwethu kubonakalisa ukulunga kukaNkulunkulu, siyakuthini na? Imbala uNkulunkulu ungongalungile yini owehlisa ulaka na? Ngikhulumisa okomuntu.

6. Qha nakanye, ngokuba uNkulunkulu uyakulahlulela kanjani izwe, pho, na?

7. Kepha uma iqiniso likaNkulunkulu lavama ngamanga ami, kube yinkazimulo yakhe, ngisahlulelelwani futhi mina njengesoni na?

8. Kungabi ngukuthi, njengalokhu sihlanjalazwayo nanjengalokhu abanye bathi siyasho ukuthi asenze okubi, ukuze kuvele okuhle na? Ukulahlwa kwabo kubafanele.

9. Kunjani kanti? Siyabadlula na? Qha nakanye, ngokuba bese sibamangalele abaJuda namaGreki ngokuthi bonke baphansi kwesono,

10. njengokuba kulotshiwe ukuthi:“Akakho olungileyo,akakho noyedwa;

11. akakho oqondayo,akakho ofuna uNkulunkulu;

12. bonke baphambukile,baphenduke imbuqa bonkana;akakho owenza okuhle,akakho noyedwa.

13. Umphimbo wabo uyiliba elivulekileyo,ngezilimi zabo bayakhohlisa,isihlungu sezinyoka siphansi kwezindebe zabo;

Kwabaseroma 3