1. Ngalokho kuyini umJuda adlula abanye ngakho na? Kukho, ukusoka kunokusiza kuni na?
2. Kukhulu ngezindlela zonke. Kuqala ngokuba baphathisiwe amazwi kaNkulunkulu.
3. Kunjani pho? Uma abanye bengakholwanga, ukungakholwa kwabo kuyakwenza ize ukukholeka kukaNkulunkulu na?
4. Qha nakanye; kepha makube ngukuthi: UNkulunkulu uqinisile, wonke umuntu ungumqambimanga, njengokuba kulotshiwe ukuthi:“Ukuze uthiwe ungolungileyo emazwini akho,unqobe ekwahlulelweni kwakho.”
5. Kepha uma ukungalungi kwethu kubonakalisa ukulunga kukaNkulunkulu, siyakuthini na? Imbala uNkulunkulu ungongalungile yini owehlisa ulaka na? Ngikhulumisa okomuntu.
6. Qha nakanye, ngokuba uNkulunkulu uyakulahlulela kanjani izwe, pho, na?