Kwabaseroma 1:14-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Nginecala kumaGreki nakwabezizwe, kwabahlakaniphileyo nakwabangaqondiyo;

15. kanjalo mina ngokwami nginesifiso sokushumayela ivangeli nakinina baseRoma.

16. Ngokuba anginamahloni ngevangeli; ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo, kumJuda kuqala, nakumGreki.

17. Ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwambulwa kulo, kuvela ekukholweni, kuyisa ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi: “Olungileyo uzakuphila ngokukholwa.”

18. Ngokuba intukuthelo kaNkulunkulu yambulwa ivela ezulwini phezu kwakho konke ukungamesabi uNkulunkulu nokungalungi kwabantu abathiya iqiniso ngokungalungi,

19. ngokuba lokho okwazekayo ngoNkulunkulu kusobala phakathi kwabo; ngokuba uNkulunkulu ukubonakalisile kubo.

Kwabaseroma 1