9. Yena-ke wayenamadodakazi amane, izintombi eziprofethayo.
10. Kwathi sisahlezi khona izinsuku eziningana, kwehla eJudiya umprofethi ogama lakhe lingu-Agabu;
11. yena wafika kithi, wathatha uqhotho lukaPawulu, wazibopha izinyawo nezandla, wathi: “Usho njalo uMoya oNgcwele, uthi: ‘Umuntu olungolwakhe lolu qhotho abaJuda bazakumbopha kanje eJerusalema, bamkhaphele ezandleni zabezizwe.’ ”
12. Sesikuzwile lokho samncenga thina kanye nabakuleyo ndawo ukuba angakhuphukeli eJerusalema.
13. Khona uPawulu waphendula wathi: “Nenzelani ukukhala nichoboza inhliziyo yami na? Ngokuba sengilungele, kungesikho ukuboshwa kuphela kepha nokufa eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu.”
14. Engenakuvunyiswa, sathula sathi: “Mayenziwe intando yeNkosi.”
15. Emva kwalezo zinsuku sabopha impahla, sakhuphukela eJerusalema;
16. kwahamba nathi abanye kubafundi baseKesariya, besiyisa kuMnasoni othile waseKhupro, umfundi omdala, ebesizakungenisa kwakhe.
17. Sesifinyelele eJerusalema, abazalwane basamukela ngokujabula.
18. Ngangomuso uPawulu wangena nathi kuJakobe; namalunga onke ayekhona.
19. Wababingelela, wabalandisa ngakho konke ngakunye uNkulunkulu abekwenzile phakathi kwabezizwe ngenkonzo yakhe.
20. Sebekuzwile lokho bamdumisa uNkulunkulu, bathi kuye: “Uyabona, mzalwane, ukuthi ziningi kangaka izigidi zabakholwayo phakathi kwabaJuda, futhi bonke bayizishisekeli zomthetho;
21. sebebikelwe ngawe ukuthi ufundisa bonke abaJuda abaphakathi kwabezizwe ukuhlubuka kuMose, uthi mabangasoki abantwana babo, bangahambi ngamasiko.
22. Pho-ke, senze njani na? Impela bazakuzwa ukuthi usufikile.
23. Ngakho yenza lokhu esikusho kuwe: Kukhona kithi amadoda amane azibophile ngesifungo;
24. wathathe wona, uzihlambulule kanye nawo, uwakhokhele ukuba aphucule ikhanda; khona bazakwazi bonke ukuthi akukho lutho lwalokho abakubikelwe ngawe, kepha ukuthi nawe uhamba ulonda umthetho.
25. Kepha maqondana nabezizwe abakholwayo sesilobile sanquma ngokuthi mabazilonde kokuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe.”
26. Khona uPawulu wawathatha lawo madoda, ngangomuso wayesezihlambulula kanye nawo, wangena ethempelini, wabika ukuphela kwezinsuku zokuhlanjululwa, kuze kulethwe umnikelo ngenxa yawo onke.
27. Kwathi sezizakuphela lezo zinsuku eziyisikhombisa, abaJuda base-Asiya bembonile ethempelini, bayaluzisa sonke isixuku, babeka izandla kuye,
28. bamemeza bathi: “Madoda akwa-Israyeli, yelekelelani; nguye lo muntu ofundisa bonke ezindaweni zonke okuphambene nesizwe, nomthetho, nale ndawo, futhi wangenisa ethempelini amaGreki, wayingcolisa le ndawo engcwele.”