Khona uPawulu wawathatha lawo madoda, ngangomuso wayesezihlambulula kanye nawo, wangena ethempelini, wabika ukuphela kwezinsuku zokuhlanjululwa, kuze kulethwe umnikelo ngenxa yawo onke.