Izaga 31:6-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Mnike obhubhayo uphuzo olunamandlanomunyu enhliziyweni iwayini.

7. Makaphuze akhohlwe ubumpofu bakhe,angabe esakhumbula usizi lwakhe.

8. “Sivulele isimungulu umlomo wakho,umele bonke abantwana abayizintandane.

9. Vula umlomo wakho,wahlulele ngokulunga,umele abahluphekayo nabampofu.”

10. Ngubani ongathola umfazi okhutheleyo na?Ngokuba inani lakhe lidlula kakhulu amarubi.*

11. Inhliziyo yendoda yakhe iyethemba kuye;ayiyikuswela inzuzo.

12. Uyayenzela okuhle, kungabi ngokubi,zonke izinsuku zokuphila kwakhe.

13. Ufuna uboya bezimvu nefilakisi;*usebenza ngezandla ezivumayo.

14. Unjengemikhumbi yabathengi;ulanda kude ukudla kwakhe.

15. Uyavuka kuse sebusuku,aphe abendlu yakhe ukudlanamantombazana akhe imisebenzi yawo.

16. Ucabanga ngensimu, ayithenge;ngesithelo sezandla zakhe utshala isivini,

17. Uyabhinca okhalweni amandla;uyaqinisa izingalo zakhe.

18. Uyabona ukuthi ukuphatha kwakhe kunenzuzo;isibani sakhe asicimeki nasebusuku.

19. Uyabeka izandla zakhe othini lokuphotha izintambo,neminwe yakhe ibamba insimbi.

20. Ohluphekayo uyamvulela isandla sakhe,yebo, uzelulela abampofu izandla zakhe.

21. Akesatshiswa ngabendlu yakhe ngungqoqwane;ngokuba bonke abendlu yakhe bembathiswa okubomvu.

Izaga 31