1. Amazwi kaLemuweli, inkosi yaseMasa, awafundiswa ngunina.
2. “Yini, ndodana yami,yini, ndodana yesizalo sami,yini, ndodana yezithembiso zami, na?
3. Unganiki abesifazane amandla akho,nezindlela zakho kwababhubhisa amakhosi.
4. “Akusikho okwamakhosi, Lemuweli,akusikho okwamakhosi ukuphuza iwayini,nokwababusi ukufisa uphuzo olunamandla,
5. funa baphuze, bakhohlwe izimiso,baguqule ukwahlulelwa kwabantwana bokuhlupheka.
6. Mnike obhubhayo uphuzo olunamandlanomunyu enhliziyweni iwayini.
7. Makaphuze akhohlwe ubumpofu bakhe,angabe esakhumbula usizi lwakhe.
8. “Sivulele isimungulu umlomo wakho,umele bonke abantwana abayizintandane.
9. Vula umlomo wakho,wahlulele ngokulunga,umele abahluphekayo nabampofu.”
10. Ngubani ongathola umfazi okhutheleyo na?Ngokuba inani lakhe lidlula kakhulu amarubi.*
11. Inhliziyo yendoda yakhe iyethemba kuye;ayiyikuswela inzuzo.
12. Uyayenzela okuhle, kungabi ngokubi,zonke izinsuku zokuphila kwakhe.
13. Ufuna uboya bezimvu nefilakisi;*usebenza ngezandla ezivumayo.
14. Unjengemikhumbi yabathengi;ulanda kude ukudla kwakhe.
15. Uyavuka kuse sebusuku,aphe abendlu yakhe ukudlanamantombazana akhe imisebenzi yawo.
16. Ucabanga ngensimu, ayithenge;ngesithelo sezandla zakhe utshala isivini,
17. Uyabhinca okhalweni amandla;uyaqinisa izingalo zakhe.
18. Uyabona ukuthi ukuphatha kwakhe kunenzuzo;isibani sakhe asicimeki nasebusuku.
19. Uyabeka izandla zakhe othini lokuphotha izintambo,neminwe yakhe ibamba insimbi.
20. Ohluphekayo uyamvulela isandla sakhe,yebo, uzelulela abampofu izandla zakhe.
21. Akesatshiswa ngabendlu yakhe ngungqoqwane;ngokuba bonke abendlu yakhe bembathiswa okubomvu.
22. Uyazenzela izindwangu ezimbozayo;izambatho zakhe ziyilineni elicolekileyo nokububende.
23. Indoda yakhe iyaziwa emasangweni,lapho ihlezi namalunga ezwe.
24. Wenza izingubo zelineni,athengise ngazo,anikele kubathengi amabhande.*
25. Amandla nesithunzi kungukwembatha kwakhe;uhleka usuku oluzayo.
26. Uyawuvula umlomo wakhe ngokuhlakanipha,nomthetho womusa usolimini lwakhe.
27. Uyaqaphela okwenziwayo endlini yakhe,akadli isinkwa sobuvila.
28. Abantwana bakhe bayasukuma, bambusise;nendoda yakhe iyamdumisa ngokuthi:
29. “Baningi abafazi abakhutheleyo,kepha wena ubadlula bonke.”
30. Ubuhle buyinkohliso,nokubukeka kuyize,kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa.
31. Muphe ezithelweni zezandla zakhe,izenzo zakhe zimdumise emasangweni.