Izaga 31:17-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Uyabhinca okhalweni amandla;uyaqinisa izingalo zakhe.

18. Uyabona ukuthi ukuphatha kwakhe kunenzuzo;isibani sakhe asicimeki nasebusuku.

19. Uyabeka izandla zakhe othini lokuphotha izintambo,neminwe yakhe ibamba insimbi.

20. Ohluphekayo uyamvulela isandla sakhe,yebo, uzelulela abampofu izandla zakhe.

21. Akesatshiswa ngabendlu yakhe ngungqoqwane;ngokuba bonke abendlu yakhe bembathiswa okubomvu.

22. Uyazenzela izindwangu ezimbozayo;izambatho zakhe ziyilineni elicolekileyo nokububende.

23. Indoda yakhe iyaziwa emasangweni,lapho ihlezi namalunga ezwe.

24. Wenza izingubo zelineni,athengise ngazo,anikele kubathengi amabhande.*

25. Amandla nesithunzi kungukwembatha kwakhe;uhleka usuku oluzayo.

26. Uyawuvula umlomo wakhe ngokuhlakanipha,nomthetho womusa usolimini lwakhe.

27. Uyaqaphela okwenziwayo endlini yakhe,akadli isinkwa sobuvila.

28. Abantwana bakhe bayasukuma, bambusise;nendoda yakhe iyamdumisa ngokuthi:

29. “Baningi abafazi abakhutheleyo,kepha wena ubadlula bonke.”

30. Ubuhle buyinkohliso,nokubukeka kuyize,kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa.

Izaga 31