15. Uyavuka kuse sebusuku,aphe abendlu yakhe ukudlanamantombazana akhe imisebenzi yawo.
16. Ucabanga ngensimu, ayithenge;ngesithelo sezandla zakhe utshala isivini,
17. Uyabhinca okhalweni amandla;uyaqinisa izingalo zakhe.
18. Uyabona ukuthi ukuphatha kwakhe kunenzuzo;isibani sakhe asicimeki nasebusuku.
19. Uyabeka izandla zakhe othini lokuphotha izintambo,neminwe yakhe ibamba insimbi.
20. Ohluphekayo uyamvulela isandla sakhe,yebo, uzelulela abampofu izandla zakhe.