10. Ngubani ongathola umfazi okhutheleyo na?Ngokuba inani lakhe lidlula kakhulu amarubi.*
11. Inhliziyo yendoda yakhe iyethemba kuye;ayiyikuswela inzuzo.
12. Uyayenzela okuhle, kungabi ngokubi,zonke izinsuku zokuphila kwakhe.
13. Ufuna uboya bezimvu nefilakisi;*usebenza ngezandla ezivumayo.
14. Unjengemikhumbi yabathengi;ulanda kude ukudla kwakhe.
15. Uyavuka kuse sebusuku,aphe abendlu yakhe ukudlanamantombazana akhe imisebenzi yawo.
16. Ucabanga ngensimu, ayithenge;ngesithelo sezandla zakhe utshala isivini,
17. Uyabhinca okhalweni amandla;uyaqinisa izingalo zakhe.
18. Uyabona ukuthi ukuphatha kwakhe kunenzuzo;isibani sakhe asicimeki nasebusuku.