Izaga 24:6-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Ngokuba ngokucabanga ungaphaka impi yakho,nokusinda kumi ngobuningi babeluleki.

7. Ukuhlakanipha kuphakeme kunesiwula;esangweni asivuli umlomo waso.

8. Ocabanga ukwenza okubiuyakubizwa ngokuthi owenza amacebo.

9. Ukuceba ubuwula kuyisono,nesideleli siyisinengiso kubantu.

10. Uma udangala ngosuku lokuhlupheka,amandla akho mancane.

11. Bophule abayiswa ekufeni;abakhubekiselwa ekubulaweni ubagodle.

12. Uma uthi: “Bheka, besingakwazi,”akakuqondi yini olinganisa izinhliziyo,nolonda umphefumulo wakho akakwazi, na?Futhi akayikuphindisela bonke abantu ngokwemisebenzi yabo na?

13. Ndodana yami, yidla izinyosi,ngokuba zimnandi,noju oluhle emlonyeni wakho.

14. Yazi ukuthi kunjalo ukuhlakanipha emphefumulweni wakho;uma ukutholile, kuyakuba khona isikhathi esizayo,nethemba lakho aliyikunqunywa.

15. Wena omubi ungaqamekeli indlu yolungileyo,ungachithi indawo yakhe yokuphumula.

16. Ngokuba olungileyo angawa kasikhombisa,abesebuye avuke,kepha ababi bayakukhubeka ngobubi.

Izaga 24