12. Uma uthi: “Bheka, besingakwazi,”akakuqondi yini olinganisa izinhliziyo,nolonda umphefumulo wakho akakwazi, na?Futhi akayikuphindisela bonke abantu ngokwemisebenzi yabo na?
13. Ndodana yami, yidla izinyosi,ngokuba zimnandi,noju oluhle emlonyeni wakho.
14. Yazi ukuthi kunjalo ukuhlakanipha emphefumulweni wakho;uma ukutholile, kuyakuba khona isikhathi esizayo,nethemba lakho aliyikunqunywa.
15. Wena omubi ungaqamekeli indlu yolungileyo,ungachithi indawo yakhe yokuphumula.
16. Ngokuba olungileyo angawa kasikhombisa,abesebuye avuke,kepha ababi bayakukhubeka ngobubi.
17. Ungathokozi ngokuwa kwesitha sakho,nenhliziyo yakho mayingajabuli ngokukhubeka kwaso,
18. funa uJehova akubone,kube kubi emehlweni akhe,asuse intukuthelo yakhe kuso.
19. Ungazikhathazi ngabenza okubi,ungabi namhawu ngamashinga.
20. Ngokuba omubi akayikuba namvuzo,nesibani samashinga siyakucima.
21. Ndodana yami, yesaba uJehova nenkosi,ungahlangani nabahlubukayo.
22. Ngokuba ingozi yabo iyakuvuka masinyane;ngubani owazi ukuchithwa kweminyaka yabo na?
23. Nalawa angamazwi ahlakaniphileyo:Ukukhetha ubuso ekwahluleleni akukuhle.
24. Oshoyo komubi ukuthi: “Ulungile,”lowo abantu bayakumqalekisa,nezizwe ziyakumthukuthelela.