Isililo 1:5-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Abamelene nalo sebe yinhloko,izitha zalo zinokuthula,ngokuba uJehova ulihluphilengenxa yobuningi beziphambeko zalo;izingane zalo ziye ekuthunjweni ebusweni bezitha.

6. Bonke ubukhosi bumukileendodakazini yaseSiyoni;izikhulu zalo sezinjengezindluzele ezingafumani idlelo,zihambile zingenamandla ebusweni babaxoshayo.

7. IJerusalema liyakhumbula ezinsukwinizokuhlupheka kwalo nezinsizi zalokonke okuhle okwakukhona ezinsukwini zasendulo;lapho abantu balo bewela esandleni sezitha,kungekho olisizayo,abamelene nalo balibona,bahleka ukuchithwa kwalo.

8. IJerusalema lalonile kakhulu;ngalokho seliyisinengiso;bonke ababelidumisa sebelidelelangokuba bebone ubunqunu balo;seliyabubula nalo, libuyela emuva.

9. Ukungcola kwalokwakusemaphethelweni alo,alikhumbulanga ukuphela kwalo;lehlile ngokumangalisayo, alinamduduzi.Bheka, Jehova, ukuhlupheka kwami,ngokuba isitha sizikhulisile.

10. Isitha selulile isandla sasophezu kwakho konke okumnandi kwalo,ngokuba sibonile ukuthi abezizwebangene endlini yalo engcwele,owabayala ukuthi abayikungena ebandleni lakho.

11. Bonke abantu balo bayabubula,befuna isinkwa sabo;banika okumnandi kwabo ngokudlaukuba babuyise umphefumulo.Bheka, Jehova, ubhekisise,ngokuba ngiyadelelwa.

12. “Akulutho kinina nonke enidlulangendlela na?Bhekani, niboneukuba kukhona yini ubuhlunguobunjengobuhlungu bami engehlelwe yibo,uJehova angihluphe ngabo ngosuku lokufutheka kwentukuthelo yakhe.

13. “Ephezulu ungithumele umliloemathanjeni ami, wawahlula;wenekele izinyawo zami inetha,wangibuyisela emuva.Ungenze incithakalo,ngiphele amandla usuku lonke.

14. “Iziphambeko zami zaboshwa ngesandla sakhe,zaba yijoka;zalukwa, sezisentanyeni yami;wakhubekisa amandla ami.INkosi inginikele esandleni sabo engingenakumelana nabo.

15. “INkosi ilahlile onke amaqhawe ami phakathi kwami;ingibizele umhlangano ukuphahlaza izinsizwa zami;iNkosi inyathele njengasesikhamweni sewayiniintombi eyindodakazi yakwaJuda.

16. “Ngiyakhala ngalokhu;iso lami, iso lami liyamululeka izinyembezi,ngokuba umduduzi wami obeyakubuyisa umphefumulo wami ukude nami.Abantwana bami bachithekile,ngokuba isitha sahlulile.”

17. ISiyoni liyelula izandla zalo,akakho oliduduzayo.UJehova uyalile ngoJakobe ukuba abamzungezayo babe yizitha zakhe.IJerusalema linjengesinengiso phakathi kwabo.

18. “UJehova ulungile,ngokuba ngihlubukile izwi lakhe.Ake nizwe, bantu bonke,nibone ubuhlungu bami.Izintombi zami nezinsizwa zami ziye ekuthunjweni.

Isililo 1