Isililo 1:16-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. “Ngiyakhala ngalokhu;iso lami, iso lami liyamululeka izinyembezi,ngokuba umduduzi wami obeyakubuyisa umphefumulo wami ukude nami.Abantwana bami bachithekile,ngokuba isitha sahlulile.”

17. ISiyoni liyelula izandla zalo,akakho oliduduzayo.UJehova uyalile ngoJakobe ukuba abamzungezayo babe yizitha zakhe.IJerusalema linjengesinengiso phakathi kwabo.

18. “UJehova ulungile,ngokuba ngihlubukile izwi lakhe.Ake nizwe, bantu bonke,nibone ubuhlungu bami.Izintombi zami nezinsizwa zami ziye ekuthunjweni.

19. “Ngazibiza izithandwa zami, zangikhohlisa.Abapristi bami namalunga ami bafela emzini,besafuna ukudla ukuba babuyise umphefumulo wabo.

20. “Bheka, Jehova, ngokuba nginosizi;izibilini zami ziyaxhaphazela.Inhliziyo yami iphendukile phakathi kwami,ngokuba ngihlubukile nokuhlubuka.Endle yinkemba eyaphucayo,ekhaya ngukufa.

21. “Bezwile ukuthi ngiyabubula,kepha anginamduduzi.Zonke izitha zami zizwile ukuhlupheka kwami;ziyathokoza ukuthi nguwe okwenzileyo.Ululethile usuku olumemezileyo,kepha ziyakuba njengami.

22. “Mabufike bonke ububi bazo ebusweni bakho,wenze kuzo njengokwenza kwakho kimingenxa yazo zonke iziphambeko zami,ngokuba ukububula kwami kukhulu,nenhliziyo idangele.”

Isililo 1