1. Yeka ukuhlala kodwa komuzi owawunabantu abaningi!Usungumfelokazi owawunezizwe eziningi.Owawuyinkosikazi phakathi kwezifunda usungobuswayo.
2. Uyakhala nokukhala ebusuku,izinyembezi zawo zisezihlathini zawo;kawunamduduzi phakathi kwazo zonke izithandwa zawo;bonke abangane bawo bawuphathe ngenkohliso,sebe yizitha zawo.
3. UJuda uthunjiwe ngenxayokuhlupheka nobugqila obuningi;uhlala phakathi kwabezizwe,katholi ukuphumula;bonke abamzingelayo bamfica ephakathi kobuhlungu.
4. Izindlela zaseSiyoni ziyalilangokuba kungeziwa emikhosini emisiweyo;onke amasango achithekile,abapristi balo bayabubula;izintombi zalo ziyahlupheka,nalo linomunyu.
5. Abamelene nalo sebe yinhloko,izitha zalo zinokuthula,ngokuba uJehova ulihluphilengenxa yobuningi beziphambeko zalo;izingane zalo ziye ekuthunjweni ebusweni bezitha.
6. Bonke ubukhosi bumukileendodakazini yaseSiyoni;izikhulu zalo sezinjengezindluzele ezingafumani idlelo,zihambile zingenamandla ebusweni babaxoshayo.
7. IJerusalema liyakhumbula ezinsukwinizokuhlupheka kwalo nezinsizi zalokonke okuhle okwakukhona ezinsukwini zasendulo;lapho abantu balo bewela esandleni sezitha,kungekho olisizayo,abamelene nalo balibona,bahleka ukuchithwa kwalo.
8. IJerusalema lalonile kakhulu;ngalokho seliyisinengiso;bonke ababelidumisa sebelidelelangokuba bebone ubunqunu balo;seliyabubula nalo, libuyela emuva.
9. Ukungcola kwalokwakusemaphethelweni alo,alikhumbulanga ukuphela kwalo;lehlile ngokumangalisayo, alinamduduzi.Bheka, Jehova, ukuhlupheka kwami,ngokuba isitha sizikhulisile.
10. Isitha selulile isandla sasophezu kwakho konke okumnandi kwalo,ngokuba sibonile ukuthi abezizwebangene endlini yalo engcwele,owabayala ukuthi abayikungena ebandleni lakho.
11. Bonke abantu balo bayabubula,befuna isinkwa sabo;banika okumnandi kwabo ngokudlaukuba babuyise umphefumulo.Bheka, Jehova, ubhekisise,ngokuba ngiyadelelwa.
12. “Akulutho kinina nonke enidlulangendlela na?Bhekani, niboneukuba kukhona yini ubuhlunguobunjengobuhlungu bami engehlelwe yibo,uJehova angihluphe ngabo ngosuku lokufutheka kwentukuthelo yakhe.