Isihlabelelo Sezihlabelelo 8:4-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Ngiyanifungisa,madodakazi aseJerusalema,ukuba ningalunyakazisi,ningaluvusi uthando,lungakavumi.

5. Ngubani owenyuka ehlaneencike kothandiweyo wakhe na?Phansi komapula* ngakuvusa;lapho unyoko wayenemihelo ngawe,khona lapho wayenemihelo owakuzalayo.

6. Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho,njengophawu engalweni yakho,ngokuba uthando lunamandla njengokufa;isikhwele silukhuni njengendawo yabafileyo;amalangabi alo angamalangabi omlilo,ilangabi likaJehova.

7. Amanzi amaningi awanakulucima uthando,nemifula ayinakuluminzisa;uma umuntu ebeyakunika yonke impahla yendlu yakhe ngothando,nokho ubeyakwaliwa nokwaliwa.

8. Sinodadewethu omncane,kanawo amabele;siyakwenza njani ngodadewethu ecelwa na?

9. Uma elugange,siyakwakha phezu kwakhe umbhoshongwana wesiliva;uma eyisicabha,siyakumvalela ngamapulangwe omsedari.*

10. Ngilugange,namabele ami anjengemibhoshongo;khona ngaba semehlweniakhe njengofumene ukuthula.

11. USolomoni wayenesivini eBali Hamoni;wasinika isivini kubaphathi;baletha, kwaba yilowo nalowo,izinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva ngezithelo zaso.

12. Isivini esingesami siphambi kwami;inkulungwane mayibe ngeyakho, Solomoni,namakhulu amabili abe ngawabaphathi bezithelo zaso.

Isihlabelelo Sezihlabelelo 8