Isihlabelelo Sezihlabelelo 8:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Sengathi nga unjengomfowethuowancela amabele kamame!Uma bengikufumana phandle,bengiyakukwanga ngingadelelwa muntu.

2. Bengiyakukuhola,ngikuyise endlini kamame;ubuyakungifundisa;bengiyakukuphuzisa iwayini eliyolisiweyo,amanzi ompomegranati* wami.

3. Isandla sakhe sokhohlobesiyakubaphansi kwekhanda lami,nesokunene sakhe besiyakungigona.

4. Ngiyanifungisa,madodakazi aseJerusalema,ukuba ningalunyakazisi,ningaluvusi uthando,lungakavumi.

5. Ngubani owenyuka ehlaneencike kothandiweyo wakhe na?Phansi komapula* ngakuvusa;lapho unyoko wayenemihelo ngawe,khona lapho wayenemihelo owakuzalayo.

6. Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho,njengophawu engalweni yakho,ngokuba uthando lunamandla njengokufa;isikhwele silukhuni njengendawo yabafileyo;amalangabi alo angamalangabi omlilo,ilangabi likaJehova.

7. Amanzi amaningi awanakulucima uthando,nemifula ayinakuluminzisa;uma umuntu ebeyakunika yonke impahla yendlu yakhe ngothando,nokho ubeyakwaliwa nokwaliwa.

8. Sinodadewethu omncane,kanawo amabele;siyakwenza njani ngodadewethu ecelwa na?

9. Uma elugange,siyakwakha phezu kwakhe umbhoshongwana wesiliva;uma eyisicabha,siyakumvalela ngamapulangwe omsedari.*

10. Ngilugange,namabele ami anjengemibhoshongo;khona ngaba semehlweniakhe njengofumene ukuthula.

11. USolomoni wayenesivini eBali Hamoni;wasinika isivini kubaphathi;baletha, kwaba yilowo nalowo,izinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva ngezithelo zaso.

Isihlabelelo Sezihlabelelo 8