8. Amakhosikazi angamashumi ayisithupha,nezancinza zingamashumi ayisishiyagalombili,nezintombi azinakubalwa.
9. Kepha ijuba lami,opheleleyo wami munye nje;ungoyedwa kunina,ungokhethiweyo wakhe owamzalayo.Amantombazana ayambona,athi ubusisiwe;amakhosikazi nezancinza bayamdumisa.
10. Ngubani lo olunguza njengokusa,emuhle njengenyanga,ecwebile njengelanga,kepha esabeka njengezimpi, na?
11. Ngehlela ensimini yamantongomaneukuyobona uhlaza lwesigodi,nokubona uma imivini iqhakazile,namapomegranati* uma ekhahlele.
12. Ngingakakwazi ukulangazela kwami kwangibekaenqoleni yabantu benkosana yami.
13. Phenduka, phenduka, mShulamiti!Phenduka, phenduka ukuba sikubuke!Nibonani kumShulamiti?Kunjengokusina kwaseMahanayimi.