4. Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa,umnandi njengeJerusalema,kepha wesabeka njengezimpi.
5. Susa amehlo akho kimi,ngokuba ayangiphaphathekisa;izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuziowehla entabeni yakwaGileyadi.
6. Amazinyo akho anjengomhlambi wezimvukaziezikhuphuka zigeziwe,zinamawele zonke,kungekho neyodwa phakathi kwazo efelweyo.
7. Izihlathi zakho zinjengenxenye yepomegranati*emva kwemvakazi yakho.
8. Amakhosikazi angamashumi ayisithupha,nezancinza zingamashumi ayisishiyagalombili,nezintombi azinakubalwa.
9. Kepha ijuba lami,opheleleyo wami munye nje;ungoyedwa kunina,ungokhethiweyo wakhe owamzalayo.Amantombazana ayambona,athi ubusisiwe;amakhosikazi nezancinza bayamdumisa.
10. Ngubani lo olunguza njengokusa,emuhle njengenyanga,ecwebile njengelanga,kepha esabeka njengezimpi, na?