3. Mina ngingowothandiweyo wami,nothandiweyo wami ungowami,lapho alusa phakathi kweminduze.
4. Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa,umnandi njengeJerusalema,kepha wesabeka njengezimpi.
5. Susa amehlo akho kimi,ngokuba ayangiphaphathekisa;izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuziowehla entabeni yakwaGileyadi.
6. Amazinyo akho anjengomhlambi wezimvukaziezikhuphuka zigeziwe,zinamawele zonke,kungekho neyodwa phakathi kwazo efelweyo.
7. Izihlathi zakho zinjengenxenye yepomegranati*emva kwemvakazi yakho.
8. Amakhosikazi angamashumi ayisithupha,nezancinza zingamashumi ayisishiyagalombili,nezintombi azinakubalwa.