1. Othandiweyo wakho uyephi,wena muhlekazi phakathi kwabesifazane;ushonephi othandiweyo wakhoukuba simfune kanye nawe na?
2. Othandiweyo wami wehlele ensimini yakhe,ezindimeni zamakha,ukuba aluse ensimini,akhe iminduze.
3. Mina ngingowothandiweyo wami,nothandiweyo wami ungowami,lapho alusa phakathi kweminduze.
4. Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa,umnandi njengeJerusalema,kepha wesabeka njengezimpi.
5. Susa amehlo akho kimi,ngokuba ayangiphaphathekisa;izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuziowehla entabeni yakwaGileyadi.
6. Amazinyo akho anjengomhlambi wezimvukaziezikhuphuka zigeziwe,zinamawele zonke,kungekho neyodwa phakathi kwazo efelweyo.
7. Izihlathi zakho zinjengenxenye yepomegranati*emva kwemvakazi yakho.