9. Othandiweyo wami unjengensephenoma njengesixhumu sendluzele;bheka, umi emva kodonga lwakwethu;uyalunguza emafasiteleni,ubonakala ngaseheleni.
10. Othandiweyo wami wakhuluma, wathi kimi:“Vuka, sithandwa sami,muhlekazi wami; woza sihambe,
11. ngokuba bheka, ubusika budlulile;imvula isiphelile, yamuka;
12. izimbali ziyabonakala emhlabeni,nesikhathi sokuthena imivini sesisondele,nezwi lehobhe liyezwakala ezweni lakithi.
13. Umkhiwane uthela amakhiwane awo aluhlaza,imivini inezimbali,ithaphuka iphunga layo;vuka, sithandwa sami,muhlekazi wami; woza sihambe.”
14. Juba lami elisemifantwini yamadwalanasekusithekeni kweziwa,mangibone ubuso bakho,ngizwe izwi lakho,ngokuba izwi lakho limnandi,nobuso bakho buhle.
15. Sibambeleni izimpungushe,izimpungushe ezincaneezichitha izivini,ngokuba izivini zethu zinezimbali.
16. Othandiweyo wami ungowami,mina ngingowakhe;uyalusa phakathi kweminduze.
17. Kuze kuphole ilanga,namathunzi abaleke,mawube njengensephe,wena othandiweyo wami,nanjengesixhumu sendluzeleezintabeni eziqhekezekileyo.