5. Ngiphaseni ngezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo,ngihlumelele ngama-apula,*ngokuba ngiyafa uthando.
6. Isandla sakhe sokhohlo siphansi kwekhanda lami,nesokunene siyangigona.
7. Ngiyanifungisa,madodakazi aseJerusalema,ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendleukuba ningalunyakazisi,ningaluvusi uthando,lungakavumi.
8. Nanto izwi lothandiweyo wami!Bheka, uyeza eqa ezintabeni,etshekula emagqumeni.
9. Othandiweyo wami unjengensephenoma njengesixhumu sendluzele;bheka, umi emva kodonga lwakwethu;uyalunguza emafasiteleni,ubonakala ngaseheleni.
10. Othandiweyo wami wakhuluma, wathi kimi:“Vuka, sithandwa sami,muhlekazi wami; woza sihambe,
11. ngokuba bheka, ubusika budlulile;imvula isiphelile, yamuka;
12. izimbali ziyabonakala emhlabeni,nesikhathi sokuthena imivini sesisondele,nezwi lehobhe liyezwakala ezweni lakithi.
13. Umkhiwane uthela amakhiwane awo aluhlaza,imivini inezimbali,ithaphuka iphunga layo;vuka, sithandwa sami,muhlekazi wami; woza sihambe.”
14. Juba lami elisemifantwini yamadwalanasekusithekeni kweziwa,mangibone ubuso bakho,ngizwe izwi lakho,ngokuba izwi lakho limnandi,nobuso bakho buhle.