Isambulo 11:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Nganikwa uhlanga lufana nenduku, kwathiwa: “Sukuma, ulinganise ithempeli likaNkulunkulu, ne-altare, nabakhulekayo kulo.

2. Kepha igceke elingaphandle kwethempeli ulishiye ngaphandle, ungalilinganisi, ngokuba linikwe izizwe, nomuzi ongcwele ziyakuwunyathela phansi izinyanga ezingamashumi amane nambili.

3. Ngiyakubanika ofakazi bami ababili ukuba baprofethe izinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha bembethe indwangu yamasaka.”

4. Labo bayiminqumo emibili nezinti zezibani ezimbili ezimi phambi kweNkosi yomhlaba.

5. Uma kukhona ofuna ukona laba, kuphuma umlilo emlonyeni wabo, udle izitha zabo, uziqede; yebo, uma kukhona ofuna ukona laba, kumelwe ukuba abulawe kanjalo.

6. Banamandla laba okuvala izulu ukuba lingani ngezinsuku zokuprofetha kwabo, futhi banamandla phezu kwamanzi okuwaphendula igazi nawokushaya umhlaba ngezinhlupho zonke, noma kungaba kangaki ngokuthanda kwabo.

7. Kuyakuthi sebebuqedile ubufakazi babo, isilo esiphuma kwalasha siyakulwa nabo, sibanqobe, sibabulale.

8. Nezidumbu zabo ziyakusala ezitaladini zomuzi omkhulu othiwa ngokomoya iSodoma neGibithe, lapho neNkosi yabo yabethelwa khona.

9. Abanye kubantu nabemindeni nabezilimi nabezizwe bayakuzibona izidumbu zabo izinsuku ezintathu nenxenye, bengavumi ukuba izidumbu zabo zifakwe ethuneni.

Isambulo 11