2. Kungakaveli izintaba,ungakawenzi umhlaba nezwe,kuthi kusukela phakade kuze kube phakadewena Nkulunkulu ukhona.
3. Uyambuyisela umuntu othulini, uthi:“Buyani, bantwana babantu.”
4. Ngokuba iminyaka eyinkulungwane emehlweni akho injengezolo selidlulile,nanjengomlindo ebusuku.
5. Uyabamukisa njengesikhukhula, banjengobuthongo;ekuseni banjengotshani obuhlumayo;
6. ekuseni buyakhahlela, buhlume;kusihlwa bunqunywe, bubune.
7. Ngokuba siyaqedwa yintukuthelo yakho,nangolaka lwakho siyabhubha.
8. Ubekile amacala ethu phambi kwakho,izono zethu ezifihliweyo ekukhanyeni kobuso bakho.
9. Ngokuba izinsuku zethu ziyadlula ngentukuthelo yakho;siyafeza iminyaka yethu njengephefu.
10. Izinsuku zeminyaka yethu zineminyaka engamashumi ayisikhombisa;kuthi uma ziziningi, zineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili;nokho ukuvama kwazo kungukuhlupheka nelize,ngokuba zidlula masinyane,thina siyandiza, simuke.
11. Ngubani owaziyo amandla entukuthelo yakhonolaka lwakho olunjengakho ukwesabeka kwakho na?