1. Ngiyakumbonga uJehova ngayo yonke inhliziyo yami;ngiyakulanda zonke izimangaliso zakho.
2. Ngiyakujabula, ngethabe kuwe;ngiyakudumisa igama lakho wena oPhezukonke,
3. ngokuba izitha zami zibuyela emuva,ziwa, zibhubha ebusweni bakho,
4. ngokuba ulimelele ilungelo lami nendaba yami,uhlezi esihlalweni sobukhosi, ungumahluleli olungileyo.
5. Ujezisile abezizwe, wabhubhisa ababi;igama labo ulesulile kuze kube phakade naphakade.
6. Izitha ziphelile, zachitheka kuze kube phakade;imizi wayisimbula,ukukhunjulwa kwayo kwaphela nya.
7. UJehova uyabusa kuze kube phakade;isihlalo sakhe sobukhosi usimisela ukwahlulela;
8. umhlaba uyakuwahlulela ngokulunga,athethe amacala ezizwe ngobuqotho.
9. UJehova uyinqaba yocindezelweyo,uyinqaba ezikhathini zokuhlupheka.
10. Nabalaziyo igama lakho bayakwethemba wena;ngokuba wena Jehova awubashiyi abakufunayo.
11. Hubani nimdumise uJehova ohlezi eSiyoni;memezelani ezizweni izenzo zakhe ezinkulu.