Amahubo 81:12-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Ngase ngibayeka enkanini yenhliziyo yaboukuba bahambe ngokuthanda kwabo.

13. “Sengathi abantu bami bangangizwa,u-Israyeli ahambe ezindleleni zami.

14. Bengiyakuthobisa masinyane izitha zabo,ngiselulele isandla sami kwabamelene nabo.

15. Abazondi bakaJehova bebeyakuzithobela kuye,kepha isikhathi sabantu bami besiyakuba khona kuze kube phakade.

16. Ubeyakubapha ukolweni omuhle;yebo, bengiyakubasuthisa ngezinyosi zasesiweni.”

Amahubo 81