17. Igama layo liyakuma kuze kube phakade;igama layo liyakuxhanta,lisekhona ilanga;bayakuzibusisa ngayo;bonke abezizwe bayakuthi ibusisiwe.
18. Makabongwe uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli,onguye yedwa owenza izimangaliso.
19. Malibongwe igama lakhe lenkazimulo kuze kube phakade,umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen.
20. Imikhuleko kaDavide indodana kaJese isaphelile.