Amahubo 72:13-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Iyakuhawukela odangeleyo nompofu;iyakusindisa imiphefumulo yabampofu.

14. Iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni;igazi labo liyakuba yigugu emehlweni ayo.

15. Iyakuphila, bayinike igolide laseSheba,bayithandazele njalo,bayibusise lonke usuku.

16. Kuyakuba khona inala kakolweni ezweniesiqongweni sezintaba;ukudla kwalo kuyakuhashazela njengeLebanoni;abemizi bayakukhahlela njengotshani bomhlaba.

17. Igama layo liyakuma kuze kube phakade;igama layo liyakuxhanta,lisekhona ilanga;bayakuzibusisa ngayo;bonke abezizwe bayakuthi ibusisiwe.

18. Makabongwe uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli,onguye yedwa owenza izimangaliso.

Amahubo 72