Amahubo 72:10-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Amakhosi aseTharishishi naweseziqhingini ayakuletha izipho;amakhosi aseSheba naseSeba ayakwethula izipho.

11. Onke amakhosi ayakuziwisa phambi kwayo;zonke izizwe ziyakuyikhonza.

12. Ngokuba iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo,nohluphekayo ongenamsizi.

13. Iyakuhawukela odangeleyo nompofu;iyakusindisa imiphefumulo yabampofu.

14. Iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni;igazi labo liyakuba yigugu emehlweni ayo.

15. Iyakuphila, bayinike igolide laseSheba,bayithandazele njalo,bayibusise lonke usuku.

16. Kuyakuba khona inala kakolweni ezweniesiqongweni sezintaba;ukudla kwalo kuyakuhashazela njengeLebanoni;abemizi bayakukhahlela njengotshani bomhlaba.

17. Igama layo liyakuma kuze kube phakade;igama layo liyakuxhanta,lisekhona ilanga;bayakuzibusisa ngayo;bonke abezizwe bayakuthi ibusisiwe.

18. Makabongwe uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli,onguye yedwa owenza izimangaliso.

19. Malibongwe igama lakhe lenkazimulo kuze kube phakade,umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen.

20. Imikhuleko kaDavide indodana kaJese isaphelile.

Amahubo 72