17. Ungayifihleli inceku yakho ubuso bakho,ngokuba ngiyahlupheka;shesha ungiphendule.
18. Sondela kuwo umphefumulo wami, uwuhlenge,ngikhulule ngenxa yezitha zami.
19. Wena uyakwazi ukuthukwa kwami,namahloni ami nokudunyazwa kwami;zonke izitha zami ziphambi kwakho.
20. Ukuthukwa kuyaphulile inhliziyo yami,ngigula kakhulu;bengibheka ukuhawukelwa,kepha akwabakho,nabaduduzayo,kepha angibatholanga.
21. Banginika inyongo ibe ngukudla kwami;ekomeni kwami bangiphuzisa uviniga.
22. Itafula labo malibe yisihibe phambi kwabo,libe lugibe kwabahlezi bezithulele.
23. Amehlo abo mawafiphale,ukuze bangaboni;izinkalo zabo zintengezele njalo.
24. Thela phezu kwabo ukunengwa kwakho;intukuthelo yakho evuthayo mayibafice.
25. Umuzi wabo mawuchitheke;makungabikho ohlala ematendeni abo.
26. Ngokuba oshaywe nguwe bayamzingela,baxoxa ngobuhlungu bezinkubela zakho.
27. Yengezela ukona ekoneni kwabo;mabangezi ekulungeni kwakho.
28. Mabesulwe encwadini yabaphilayo,bangalotshwa kanye nabalungileyo.
29. Mina kodwa ngihluphekile, ngibuhlungu;insindiso yakho,Nkulunkulu mayingilondoloze.
30. Ngiyakulibonga ngehubo igama likaNkulunkulu,ngimphakamise ngokubonga.