Amahubo 66:8-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Bongani uNkulunkulu wethu nina zizwe,nizwakalise izwi lokudunyiswa kwakhe

9. ogcina umphefumulo wethu ekuphileni,engaluvumeli unyawo lwethu lushelele.

10. Ngokuba wena Nkulunkulu usilingile,wasihlanza njengokuhlanzwa kwesiliva.

11. Wasingenisa enetheni;wabeka umthwalo onzima ezinkalweni zethu.

12. Wavumela abantu ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu;sangena emlilweni nasemanzini;kepha wasikhiphela ekubuseni.

13. Ngiyakungena endlini yakho ngineminikelo yokushiswa;ngizakugcwalisa kuwe izithembiso zami

Amahubo 66