5. Uyakusiphendula ngezenzo ezesabekayo ekulungeni,Nkulunkulu wensindiso yethu,wena oyithemba lemikhawulo yonke yomhlabanelolwandle olukude;
6. yena omisa izintaba ngamandla akhe,obhince amandla;
7. othulisa ukuduma kwezilwandle,inhlokomo yamaza azo nomsindo wabantu.
8. Abakhile emikhawulweni yomhlababayesaba ngezibonakaliso zakho;uyethabisa impumalanga nentshonalanga.
9. Uhambela umhlaba, unisa imvula,uwuvundisa kakhulu;umfula kaNkulunkulu ugcwele amanzi;ubalungisela abantu ukudla,ngokuba uwulungisa kanjalo umhlaba.
10. Umatisa imisele yawo,ulalisa amasoyi awo;uwuthambisa ngezihlambi,ubusise okumila kuwo.
11. Umnyaka uyawuhlobisa ngobumnene bakho,nemikhondo yakho iconsa amafutha.
12. Amadlelo asehlane ayaconsa;amagquma abhinca injabulo.
13. Amadlelo embethe izimvu,nezigodi zisibekelwe ngamabele;konke kuyajabula, kuhlabelele.