Amahubo 62:6-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami,inqaba yami; angiyikunyakaziswa.

7. Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu;idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu.

8. Thembani kuye ngezikhathi zonke nina bantu,nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe;uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela*

9. Abantwana babantu bangumoya nje,abantwana bezikhulu bangamanga;esilinganisweni bayakhuphuka,balula kunomoya bonke.

10. Maningakwethembi ukuqhwaga,ningazigabisi ngokuphangiweyo;uma imfuyo yanda,ningayibeki inhliziyo kuyo.

11. UNkulunkulu ukhulumile kanye,ngikuzwe kabiliukuthi amandla angakaNkulunkulu.

12. Nomusa ungowakho, Nkosi;ngokuba wena umphindisela umuntunjengokwenza kwakhe.

Amahubo 62