Amahubo 62:5-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Mphefumulo wami,zithulisele kuNkulunkulu kuphela,ngokuba ithemba lami livela kuye.

6. Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami,inqaba yami; angiyikunyakaziswa.

7. Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu;idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu.

8. Thembani kuye ngezikhathi zonke nina bantu,nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe;uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela*

9. Abantwana babantu bangumoya nje,abantwana bezikhulu bangamanga;esilinganisweni bayakhuphuka,balula kunomoya bonke.

10. Maningakwethembi ukuqhwaga,ningazigabisi ngokuphangiweyo;uma imfuyo yanda,ningayibeki inhliziyo kuyo.

Amahubo 62