Amahubo 61:2-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Ngikhala kuwe ngisemkhawulweni womhlaba,lapho inhliziyo yami isebuthakathakeni;ngiholele edwaleni eliphakeme kunami.

3. Ngokuba ubuyisiphephelo sami,inqaba eqinileyo ngakuso isitha.

4. Ngiyakuhlala etendeni lakho kuze kube phakade;ngiyakukhosela ekusithekeni kwamaphiko akho. Sela*

5. Ngokuba wena Nkulunkulu uzizwile izithembiso zami,wabanika ifa abalesaba igama lakho.

Amahubo 61